Amaphoyisa akuleli aphenya isehlo sokudutshulwa kukaMaj-Gen Feroz Khan ebusuku ngeSonto. Kubikwa ukuthi ubeshayela kuThird Avenue, eHoughton, ngesikhathi oshayasibhamu behamba ngeMercedes Benz ...
IHLOSE ukujabulisa abantu basemakhaya ngeDurban July indawo yobumnandi yaseMbumbulu, iMaqaqa Exclusive Lifestyle ngomcimbi wayo omkhulu ozobe uhlanganise abaculi bemikhakha ehlukene. UNksz Hlengiwe ...
KULINDELWE inzuzo yemali elinganiselwa ku-R798 million emnothweni wedolobha iTheku ngempelasonto yangesonto elizayo yomjaho wamahhashi nezemfashini waminyaka yonke iHollywoodbets Durban July. Lokho ...
Umshayeli webhasi waseMalawi oneminyaka engu-39 ubudala ugcinwe esitokisini ngemuva kokutholakala ephethe iziqhumane ezifihliwe emasakeni elayisi eBeitbridge Border Post. Ngokusho kweNational ...
NGESIKHATHI uHugo Broos esuka ebhentshini ehlaba phansi ngedolo sakuthandaza, ejabulela ingqophamlando yewini yeBafana Bafana kwiWorld Cup, kuhlale obala ukuthi ubethwele itshe lengcindezi ermahlombe ...
IPHELE sekukubi imashi yokuxosha abokufika eMgungundlovu njengoba amaphoyisa evulele isisi esikhalisa unyembezi ezama ukuhlakaza isixuku ebesifuna ukuzibambela kwabokufika. Ababhikishi bathe nyawo ...
UPHINDE wahlanganisa abadlali asebemnkantshubomvu nabasebancane abenze kahle ngesikhathi eqoka isikwati esizodlala kwiNations Championship ngenyanga ezayo umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus.
SIYAKHULA isibalo samaqembu adlala esigabeni esiphezulu sebhola lakuleli, iBetway premiership, azoqala isizini ka-2026/27 esephekwa ngabaqeqeshi abasha. Emaqenjini abheke ukushintsha unyawo ngesizini ...
ZIQAPHE ngelokhozi izinhlaka zokuphepha kuleli ukunamizamo yokudala udugunyane ezweni njengoba kunomnqamulajuqu wangoJuni 30, wokuthi babe bengasekho abantu bakwamanye amazwe abafohlile kuleli.
Amaphoyisa KwaZulu-Natal abophe abasolwa abahlanu mayelana nezigameko ezithinta ukugqekeza amabhizinisi eWoody Glen elokishini laseMpumalanga, eHammersdale ezintatha zangoLwesibili, mhla ka-30Juni.
“ELimpopo khona kube nangu-12 anokuthula. EMpumalanga abangu-9 anokuthula, eyodwa yaba nodweshu. ENorthern Cape kube namamashi amane anokuthula, kwathi amabili anesixakaxaka,” kusho uLt Gen Mosikili.
KUBHEDA izinto komasipala abakhulu ama-Metro kuleli njengoba kungekho nowodwa othole umbiko omuhle ongenagcobho kanjalo nezinto okumele zilungiswe ngasekusetshenzisweni kwemali. UMasipala weTheku ...